UMalema uthembisa ngokushintsha
2012-12-17 13:33
Bloemfontein - Owayengumengameli wophiko lwentsha lwe-ANC owaxoshwa uJulius Malema uthumele incwadi eqenjini elibusayo eMangaung ecela ukubuyiselwa umsebenzi wakhe.
UFloyd Shivambu usho kanje ngoMsombuluko, yena noMalema kanye nalowo owayenguNobhala Jikelele we-ANCYL uSindiso Magaqa bathumele incwadi eqenjini becela ukuba kubuyekezwe isinqumo esathathwa ngabo.
Esitatimendeni abasenze ngokuhlanganyela, laba bobathathu bathe bazimisele ngokuziphatha kahle.
"Sisangabalandeli namalungu athembekile e-ANC sifuna ukulungiswa siqondiswe ngaphansi kwemigomo yayo.
Baphinde bathi abalufakanga enkantolo lolu daba ngoba bakholelwa ukuthi ingqungquthela ye-ANC kumele ibuyekeze uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe olwaholela ekuxoshweni kwabo.
Encwadini bacele ukuba i-ANC ibabuyisele ezikhundleni zabo.
Bacele nokuthi uMalema abuyiselwe ekomidini eliphezulu le-ANC eLimpopo.
Abacacisanga ngezinye izinyathelo abangazithatha uma isicelo sabo singaphumeleli.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA