UMalema uphendula iPhalamende isekisi - CDP

2014-06-19 12:03

Johannesburg - Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema usephendule iPhalamende indawo yokudlala, kusho iqembu iChristian Democratic Party ngoLwesine.

"Ukubeka engcupheni ukunikeza uMalema okunye ukugqama, nokuyinto ayithandayo, i-CDP ithanda ukuzwakalisa ukwenyanya kwayo ngendlela lo mholi angalihlonipho ngayo iPhalamende," kusho umholi weqembu uTheunis Botha esitatimendeni.

"Enkulumweni yakhe yokuqala ePhalamende, ephendula ekaMengameli Jacob Zuma, akalisebenzisanga ngendlela ithuba lokuma kuleya ndawo, usebenzise ipolitiki yakhe eshibhile."

Enkulumweni yakhe ngoLwesithathu, uMalema ubekhuluma kuqume wonke umuntu ePhalamende.

"Uhulumeni ka-ANC yiwo owabulala abantu eMarikana," kuzwakala uMalema ememeza ePhalamende.

UMalema ubekhuluma ngokudutshulwa kwabavukuzi abangu-34 okwenziwa ngamaphoyisa ngo-2012.

UMalema walile ukuhoxisa amazwi akhe, kwaze kwangenelela uSihlalo weNational Council of Provinces, uThandi Modise, wathi kuzonqunywa ngokuphawula kukaMalema ngoLwesine.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...