UMalema uphakamisa elikaMagaqa
2012-04-23 12:07
Durban - UJulius
Malema useshilo ukuthi ubani akholelwa ukuthi kumele athathe isikhundla
sokwengamela i-ANC Youth League - uma kuphetha ngokuthi kuphele ngaye enqenjini
elibusayo, kubika iNewswatch.
UMalema
ubona uNobhala Jekelele walolu phiko, uSindiso Magaqa njengofanele ukuthatha
lesi sikhundla.
UMalema
akazange ayithamele ingqungquthela yokhetho ebisePolokwane ngempelasonto.
Kunalokho
wethule inkulumo yakhe emakhulwini abantu abebengaphandle komuzi wakhe.
"Unobhala
wethu kumele simeseke. kumele ahlonishwe futhi," kugcizelela uMalema.
"Long
live Sindiso Magaqa long live!" kusho uMalema, waqhuba wathi:
"...
uma simeseka unobhala wethu sizoba nekusasa elingcono."
I-ANC
yabumisa ubulungu bukaMalema, ngasekuqaleni kwenyanga, ngokufanisa uMengameli
uJacob Zuma njengomuntu ongundlovukayiphikiswa.
UMalema
usadlulise udaba lokuxoshwa kwakhe yiqembu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24