UMalatsi ulindiwe ejele

2012-11-16 14:03

Johannesburg - Lowo owayengusopolitiki uDavid Malatsi kulindeleke ukuthi afike ejele laseGoodwood, eKapa ukuze ezoqala isigwebo sakhe seminyaka emihlanu, kusho uMnyango wezamaJele ngoLwesihlanu.

"Namanje sisamlindele...solokhu silinde lapha ngo-08:30. Asimazi ukuthi ungakuziphi izinkalo," kusho okhulumela lo Mnyango eWestern Cape uSimphiwe Xako.

Sachithwa isicelo sikaMalatsi sokuthi kuhoxiswe amacala abekwa wona eNkantolo eNkulu eWestern Cape ngoLwesibili.

IJaji uPatrick Gamble akathathanga ngisho umzuzu efunda isinqumo sesicelo, wacacisa ukuthi "isicelo sichithiwe kanti ukutholakala enecala kuqinisekisiwe".

UMalatsi owayenguNgqongqoshe wezeMvelo esifudazweni ubengekho enkantolo ngesikhathi kwethulwa lesi sinqumo.

Abameli bakhe abazange batholakale ukuba baphawule ngokuthi ngabe uzozinikela nini ejele, uma ezokwenza lokho.

Ngo-Okthoba 2006, iNkantolo yesiFunda eKapa yathola uMalatsi enecala lenkohlakalo ngokwamukela u-R100 000 afumbathiswa wona ngokuphasiswa kokwakhiwa kweRoodefontein Golf and Country Estate, yize kwakukhona ukukhathazeka kokuqhubeka kwalolu hlelo ngenxa yokuphepha kwezemvelo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...