UMaharaj nonkosikazi baphika izinsolo
2013-02-01 12:01
Johannesburg - Lowo okhulumela iHhovisi likaMengameli uMac Maharaj nonkosikazi wakhe uZarina baphike balala ngomhlane ukuthi bafumbathiswa ngesikhathi kukhishwa ithenda lamalayisensi amasha ngeminyaka yawo-1990.
Ummeli wabo ubuze ukuthi yini inhloso yeMail&Guardian ngokushicilela lezi zinsolo, ezenziwe uskwiza kaMaharaj uShirene Carim, nezihloso zakhe ngalezi "zambulo".
UCarim utshele iMail&Guardian nge-akhawunti yasebhange eliseSwitzerland, nalapho kuthiwa kwafakwa khona imali eyatholakala ngesikhathi kukhishwa ithenda lamalayisensi amasha.
Ummeli wabakwaMaharaj utshele iphephandaba ukuthi lokhu akukona okokuqala lezi zinsolo zenziwa.
"Ukuntathela ngobuqotho kusho ukuthi benizokwazi ukuthi lezi zinsolo zingamanga futhi azinasisekelo," kusho uMqondisi kwa-BDK Attorneys
uRudi Krause ebhalela intatheli uSam Sole.
UCarim
utshele iphephandaba ukuthi udadewabo wadlula kuyena eLondon, esendleleni eyovula i-akhawunti eGeneva ngo-1996, ukuthi uSchabir Shaik uzothola ithenda "ngoba ubeyiqabane eliqotho ngesikhathi somzabalazo".
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA