UMagaqa uzosiphikisa isinqumo sonswinyo

2011-11-16 08:48

Johannesburg - UNobhala Jikelele we-ANCYL uSindiso Magaqa uzosiphikisa isinqumo sokunswinywa kwakhe emuva kokutholakala enecala lokujivaza uNgqongqoshe weziNkampani zikaHulumeni uMalusi Gigaba, kubika izindaba zeSABC ngoLwesithathu.

Lo msakazeli uthe imininingwane ngalo mnyakazo izomenyezelwa esithangamini nabezindaba se-ANCYL eGoli ngoLwesithathu.

NgoLwesine, ikomidi eliqondisa izigwegwe ku-ANC lathola uMagaqa enecala lokuphamabana noMthethosisekelo ngokwenza izitatimende ezehlisa isithunzi ngamabomu.

Leli komidi lanikeza uMagaqa ithuba lokuthi axolise esidlangalaleni ngaphambi kokuphela kwezinsuku eziyisihlanu noma aguqule isinqumo.

Kushaye uLwesibili uMagaqa engazange axolise kuGigaba.

UMagaqa wasola uGigaba ngokuzincengela kubacindezeli emuva kokuthi agxeka isiphakamiso se-ANCYL sokuthi kubuyiselwe izimayini ngaphansi kukahulumeni.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...