UMagaqa uthola 'izinsongo zokufa'

2011-10-06 10:42

Johannesburg - Lowo onguNobhala Jikelele kuzwelonke ophikweni lwentsha ye-ANC, uSindiso Magaqa, uthi uthola izinsongo zokufa kusukela kwahlakazwa ubuholi bale nhlangano eKZN, kubika iphephandaba iSowetan.

"Ngiyazi ukuthi lezi zinsongo zivela kubani, kanti ngeke ngivumele ukusatshiswa. Ayikho indawo engeke ngiyihambe kuleli," kusho uMagaqa ngoLwesithathu.

Uthe akakasifaki isikhalazo emaphoyiseni.

UMagaqa usole ubuholi obuhlakaziwe "ngokutshala uqhekeko ku-ANC ngokucwasa ngokwezizwana".

"UMthandeni Dlungwane, ikakhulukazi, nguye ohamba phambili kulokhu kucwasa ku-ANC. Abantu abafana naye abadingeki ku-ANCYL."

UDlungwane uzichithile lezi zinsolo wathi uMagaqa noJulius Malema bazama ukugqiba indaba yokuhlakazwa kobuholi eKZN.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...