UMadonsela uzophenya ngolwaseNkandla

2012-10-18 08:14

Johannesburg - UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela uzophenya ngokuthuthukiswa kwedolobha laseNkandla kwenani lika-R2bn, nokuyidolobha ekuqhamuka kulo uMengameli Jacob Zuma.

Okhulumela ihhovisi likaMadonsela uKgalalelo Masibi uthe lolu phenyo luzokwenziwa ngokuhlukana nalolo lokulungiswa komuzi kaZuma.

"Umvikeli womphakathi uzophenya lezi zindaba ngokuhlukana," esho ngomqhafazo.

I-Afriforum ngoLwesithathu ithe uMadonsela uzophenya nge-Umlalazi-Nkandla Smart Growth Centre Project, nesibizwa nge"Zumaville".

Leli dolobha elisha lizokwakhiwa endaweni engamakhilomitha amathathu ukusuka emzini kaZuma eNkandla, KwaZulu-Natal.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-22°C Sunny. Mild. Pta: 18-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-24°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 16-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-27°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...