UMadonsela uzophenya ngolukaDhlomo

2013-02-01 12:01

Durban - IHhovisi loMvikeli woMphakathi likuqinisekisile ukuthi lizophenya ngokuthi ngabe waphula umthetho noma cha uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo ngesikhathi esebenzisa indiza yezimo eziphuthumayo, kubika iNewswatch.

Okhulumela ihhovisi uKgalalelo Masibi uthe banqume ukulandela lolu daba ngemuva kokuthola isikhalazo sivela kuDemocratic Aaliiance.

UDhlomo waba sematheni ngoNovemba nyakenye, ngemuva kokuthi abezimo eziphuthumayo betshele izintatheli ukuthi ayikho indiza yokuphuthumisa umfana, 15, owayebandakanyeke engozini.

UMnyango kaDhlomo waphendula ngokuthi ungqongqoshe kwakunesimo ayesiphuthuma esibandakanya udokotela nomphakathi.

Iphephandaba iSunday Tribune labika ukuthi uDhlomo wayephuthuma umngcwabo kamngani wakhe ngale ndiza kwaHlabisa.

OweNkatha Freedom Party u-Usha Roopnarain uthe bathemba ukuthi uMvikeli woMphakathi uzosusa inkungu emboze iqiniso.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...