UMadonsela uphebeza izinsolo ngaye

2012-11-28 10:03

Johannesburg - Isekela likamvikeli womphakathi uMamiki Shai eligcwele ubuhlungu, elizophelelwa isikhathi salo kulesi sikhundla ngoLwesihlanu, izolo lisole umphathi wakhe uThuli Madonsela, ngokumhlukumeza nangokumthuka, kubika iSowetan.

UShai utshele iPhalamende ukuthi isikhulu esiphezulu ehhovisi likaMadonsela, uThemba Mthethwa, wazisayinela yena imiphumela ngomsebenzi wakhe ukuze athole umhlomulo ngo- 2010.

Lokhu wakwenza ngokuthi athole i-signature yakhe ngesikhathi yena esesibhedlela.

UShai ubevele ngaphambi kwesiShayamthetho ngenhloso yokuthi azofakaza ngamaphepha awafaka ePhalamende ngoSepthemba lapho ayebeka khona ukuthi uMadonsela kanye nabanye abaphathi abahambisanga ngendlela kwezezimali kanye namathenda.

UShai phambilini futhi wabe engazwani nalowo owabe enguMvikeli woMphakathi ngaphambi kukaMadonsela, uLawrence Mushwana.

Lokhu kuholele iPhlamende ekubeni lisungule ikomidi elizophenya ngalezi zinsolo. Kodwa, ekugcineni akekho otholakale enecala.

UShai wamangaza amalungu ePhalamende ngesikhathi ethi uMadonsela wayesebenzisa amagama aqinile uma ekhuluma naye ngisho phambi kwabasebenzi abasemazingeni aphaninsi futhi wayevele angene nje ehhovisi lakhe ezosusa imiqulu equkethe ubufakazi ngezenzo zikaMthethwa yena engamazisanga.

Kodwa uMadonsela waphendula ngokuthi, uShai "uqamba amanga aluhlaza".


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kugqekezwe emzini kaKrejcir

2014-08-20 18:16
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain showers. Decreasing cloudiness. Cool. Pta: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 4-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. PE: 11-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...