UMadonsela ukhala nge Info bill
2012-03-28 16:39
Johannesburg - UMvikeli womphakathi uThuli Madonsela, usecele ongqongqoshe bephalamende ukuthi baphinde bacabangisise ngokuphasiswa komthetho weProtection of State Information Bill, wathi lomthetho uzophazamisa kakhulu umsebenzi wakhe.
UMadonsela, uthi lomthetho uzonqinda amandla anikezwe wona njengomvikeli womphakathi.
Uthi isigaba-15 somthetho esithi wonke umuntu othola ulwazi oluthile, kumele alwazise emaphoyiseni kungenjalo angase aboshwe, uthi lesisigama kwayena simbeka engcupheni.
"Ngiyathinteka yini nami? Yebo, kakhulu. okwamanje ngibhekene nenkinga yokuthi yiluphi ulwazi oluwela ezandleni zami, ngilubike yini emaphoyiseni. Angifuni ukuphila kanjalo," kusho uMadonsela echazela ongqongqoshe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).