UKhisimusi omnyama kwabe-EFF

2014-11-11 09:33

Cape Town – Konke sekumi ngomumo – amalungu e-EFF ePhalamende, okubalwa kuwona nomholi weqembu uJulius Malema, babhekene nokudla uKhisimusi bengaholi ePhalamende ngemuva kokutholwa benecala, ngokususa umsindo ePhalamende.

NgoMsombuluko ikomidi lePhalamende lihlale phansi licubungula umbiko labe seliwamukela ngaphambi kokuba liwethule ePhalamende ukuba nalo liwamukele nokuyinto ezokwenzeka ngoLwesibili noma ngoLwesine.

Ikomidi laphakamisa ukuba amalungu angu-12 kwangu-20 e-EFF ePhalamende amiswe izinsuku ezingu 30 futhi angaholelwa bese kuthi amanye ahlawuliswe.

NgoMsombuluko i-EFF iqhubekile nokuthi izoludlulisela enkantolo lolu daba ngenhloso yokuphonsela isinqumo sekomidi enselelo.

Funda nalolu daba: Bamiswe izinsuku ezingu-30 abe-EFF.

“Abantu baseNingizimu Afrika kumele babone ukuthi i-ANC ihlose ukukhipha amalungu e-EFF ePhalamende ukuze uJacob Zuma ezovela ePhalamende engekho amalungu e-EFF,” kusho okhulumela iqembu uMbuyiseni Ndlozi ngeledlule.

Ngeledlule kwaqinisekiswa ukuthi kwavotwa ngamacala athweswe amalungu angu-20 e-EFF ngaphambi kokuba kuvunyelwane ngesinqumo secala, kubika iPolitical Bureau.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...