UJoemat-Pettersson uzohlangana noZuma

2012-11-14 10:04

Johannesburg - Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe woMnyango wezeMvelo namaHlathi uTina Joemat-Pettersson ahlangane noMengameli wezwe uJacob Zuma, ngenhloso yokuthi kwenyuswe amaholo abantu abasebenza emapulazini.

"Ungqongqoshe ucelwe ngabasebenzi ukuthi angenelele odabeni lwabo lwamaholo, aphinde akhulume nomengameli ngenhloso yokuthi kucelwe umqashi athi ukwenyusa amaholo," kusho umkhulumeli kangqongqoshe uPalesa Mokomela.

"UJoemat-Pettersson ufana nesithunywa esiya kuZuma, ukuyodlulisa umyalezo wabasebenzi. Uzocela ukuthi kuphinde kubhekisiswe amaholo abo abasebenzi."

Umkhulumeli kamengameli uMac Maharaj uthe kuyaziwa ngalo mhlangano, nokho akakhiphanga ingonyuluka njengoba ethe lolu wudaba lwangaphakathi.

Abasebenzi basepulazini lamagilebisi iHex River Valley, eWestern Cape, bangena esitelekeni esesidonse isikhathi esevile esontweni, bafuna umqashi abanyusele amaholo afinyelele ku-R150 ngosuku.

Abasebenzi abaningi bathola imali esukela ku-R69 kuya ku-R80 ngosuku.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...