UJoemat-Pettersson uthi uZuma ngubaba wesizwe

2012-10-23 08:36

Pretoria - UMengameli uJacob Zuma uyindoda ejulile futhi ungubaba wesizwe, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMvelo nezamaHlathi uTina Joemat-Pettersson, ngesikhathi ekhuluma ngoMsombuluko ebusuku.

UJoemat-Pettersson ubekhuluma emhlanganweni wokuqala ozokwaziwa nge-African Farmers’ Association of South Africa (Afasa).

"Siyakweseka futhi sisazoqhubeka sikweseke," ekhuluma.

Ungqongqoshe ubuye watomula amagama abhalwe eBhayibhelini wathi akukho sikhali esibhekiswe kuZuma esiyophumelela, uthe umengameli ukwazilwe ukunakekela abalimi.

UZuma, obekhona naye emhlanganweni, ubeke etafuleni uhlelo olusha oluphathelene nezemihlaba.

"Kubalulekile ukuthi abantu babuyiselwe emihlabeni yabo, akumele behlale belindele ukukhangeza impesheni kanye namaholo abo, babone lokho kuyiyona kuphela indlela abangangenisa ngayo imali."

Umhlangano uveze ukuthi abantu abangu-25 million abahlala emaphandleni, benza isivuno esingu-10%.

"Ukwesekwa kwabalimi kukhulisa amabhizinisi nomnotho wabantu abansundu."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...