UGordhan unemibuzo ngesebhange lomhlaba

2012-04-16 12:29
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kukhulu ukungabaza okukhona ngodaba lokungavuleleki ngokuphelele kohlelo lokuqokwa kwaloyo ozobamba isikhundla sokwengamela ibhange lomhlaba, kusho uNgqongqoshe wezeziMali kuleli uPravin Gordhan.

“Ngizwe ukuthi abantu banokukhathazeka ngokungacaci ngokuphelele kohlelo,” kusho uGordhan ekhuluma nabeForeign Correspondents Association, eGoli.

Abaqondisi bebhange lomhlaba bazohlangana eWashington DC, ngoMsombuluko, ukuqoka umengameli omusha.

Izimbangi zalesi sikhundla nguNgqongqoshe wezeziMali eNigeria uNgozi Okonjo-Iweala kanye nochwepheshe wase-US uDr Jim Yong Kim.

Obekade eyimbangi yesithathu uJose Antonio Ocampo, owake waba ngu Ngqongqoshe wezeziMali eColombia, uhoxile ngesonto eledlule.

UGordhan, uthi uhlelo lokuqokwa kwabantu lwaluvuleleke kuwonkuwonke, uthi akakholwawukuthi lolo hlelo lwalandelwa.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...