UGordhan ukhumbule iPrasa neSanral

2013-02-27 16:36

Parliament – UNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan, ngoLwesithathu wethule isabelozimali sakhe sika-2013/14, wakhumbula izinkampani zezokuthutha ezithwele kanzima, okuyi Passenger Rail Agency of South Africa neSouth African National Roads Agency.

AbakwaPrasa bazonikwa isamba esingu-R5 billion, esikhathini esiyiminyaka emithathu ezayo.

"Uxhaso lwabakwaPrasa kuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi wenziwa ngcono umsebenzi wokuthwala kwabagibeli, eminyakeni okungenani eyishumi ezayo, kusuka ngo-2015/16 kuya phambili."

USanral wona uzothola isamba esingu-R156.2 million, bese kulandela u-R1 billion, eminyakeni emibili ezayo.

Kungokwesibili emlandweni ukuthi kwethulwe isabelozimali esevile ku-R1.15 trillion, ePhalamende.

Abantu abahola kancane nabo kuvele ukuthi bazoxegisela intela.

UMnyango wezeMfundo uklanyelwe isamba esingu-R232.5 billion, owezeMpilo ukwanelwe u-R133 billion kanti owamaPhoyisa unikwe u-R67 billion.

UGordhan uthe iphakethe likasikilidi lizokwenyuka ngo-60 cent kwathi ikani likabhiya lenyuswa ngo-7.5 cent.

Ibhodlela likabhiya elingu-750ml lenyuswe ngo-15 cent, amawayini enyuswa ngo-R3, ilitha.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...