U"Fezi" ubenesibindi - YCL
2012-12-03 10:03
Johannesburg - UNgqongqoshe wezeMpilo eFree State, nongasekho, uFundiswa "Fezi" Ngubentombi, ubenesibindi, kusho iYoung Communist League kulesiya sifundazwe ngoMsombuluko.
Okhulumela i-YCL esifundazweni uFezile Sonkwane umchaze njengomholi obezinikele, ezithobile futhi esebenza kanzima.
"Ngaso sonke isikhathi ubelwela ukungasihlazi isithunzi se-ANC kanjalo nesikahulumeni. Ubesebenza ngokungakhathali elwela lokho akholelwa kukho," esho.
"Abantu baseFree State balahlekelwe kakhulu."
UNgubentombi ushone engozini kanye nephoyisa kuN1 ngaphandle kwaseBloemfontein ngoMgqibelo.
Ingane -- nebihlobene naye -- nephoyisa elivikela izikhulu basindile kule ngozi.
Bebebuya eralini nasemcimbini wokuvulwa kwesikhungo eQwaQwa, nobuhanjelwe nguMengameli Jacob Zuma.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA