UDu Toit nguye ubhongoza weBoeremag - Ijaji
2012-07-25 16:49
Johannesburg - Loyo osolwa ngokuhola iqembu lamavukela mbuso elaziwa ngeleBoeremag, uMike du Toit, nguye owayebhala lonke uhlelo olwabe luzolandelwa uma sekuchithwa uhulumeni, kusho iNkantolo eNkulu ePitoli.
UDu Toit wahlanganisa itulo lonke negenge yakhe, kusho iJaji u-Eben
Jordaan ngesikhathi eqala ethula isinqumo ecaleni elibhekene nabasolwa abangu-22.
UDu Toit owabe efundisa enyuvesi, ubechazwa njengendoda enamaqhinga amaningi.
Ijaji lithe kucace kahle ukuthi uDu Toit nguye owabhala uhlelo oluchazwe njenge "Document 12", olwatholalala kwenye yama-Computer akhe.
IBoeremag yabe ihlela ukuthi ihlwithe umbuso bese ixosha abantu abamnyama abangu-50 million bakhishwe baphele kuleli.
Omunye wofakazi uthe uDu Toit wakhuluma ngokuthi kubulawe loyo owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela, bese kucishwa ugesi ezindaweni eziningi ezweni.
Kuyaqhubeka ukwethulwa kwesinqumo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).