UDhlomo uthi phansi ngemitholampilo mbumbulu

2011-04-28 11:44

Pietermaritzburg - UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo uthi ngeke ayibekezelele imitholampilo yokuhushula izisu engekho emthethweni kanti-ke ube esekhuthaza imiphakathi ukuthi ibikele izikhulu ngale mitholampilo.

Ubekhuluma njengoba ezohambela oLundi kusasa nalapho kuzobe kuvulwa isikhungo sikanokusho esizosiza abesifazane abazithwele nabazobeletha, nesizovulwa amahora angu-24.

UDhlomo ube esexwayisa ngobungozi nezinselelo eziba khona ngenxa yokukhipha izisu ezindaweni ezingagunyaziwe kanjalo nokukhulelwa kwentsha e-KZN.

"Sizimisele ukulwa nezingqinamaba ezibhekene nentsha, okubalwa ukubeletha, ukukhulelwa, ukuhlela umndeni nezinkinga eziba khona kulona lonke uhlelo lokukhulelwa.

"Iningi lezinto ezenzekayo nokushona kwabantwana abasanda kuzalwa kusuke kungagwemeka."

- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...