UDhlomo uthi akajiki kwakushilo

2012-11-30 08:32

Durban - Kuqubuke imvunge esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngesikhathi kukhulunywa ngokuhamba ngendiza kukaNgqongqoshe wezeMpilo uSibongiseni Dhlomo.

OweDA uMark Steele, nowathi uDhlomo kumele esule esikhundleni, useshaye ingwijikhwebu njengoba ethe angaqhubeka nomsebenzi wakhe.

I-IFP yona ithi yethemba ukuthi lokhu abakuzwile kuyiqiniso kodwa yaphakamisa ukuthi kumele kube nophenyo oluqhutshwa ngabeHealth Professions Council of South Africa.

Indaba yendiza kaDhlomo yaqala emasontweni amathathu edlule ngesikhathi abezindaba bebika ukuthi wanqwaha nendiza enophephela emhlane ekwakumele iphuthumise isisulu sengozi.

USteele uthi ukholelwa ekutheni le ndaba ibingagwemeka ekutheni ize ibe nkulu kangaka ukuba uDhlomo wayisingatha ngendlela efanele.

Umfana owalimala engozini u-Asheen Maharaj, 15, akazange ahanjiswe yi-ambulensi ezimele eHillcrest Hospital, nengamakhilomitha amabili ukusuka endaweni yesehlakalo.

Kepha wayiswa eNkosi Albert Luthuli Hospital, nengamakhilomitha angu-28 ukusuka lapho kwenzeka khona inhlekelele.

Kuthiwa uDhlomo wayephuthuma isigameko lapho kwakusolwa udokotela ngokudlwengula ingane yesikole, kodwa eminye imibiko ithi wayephuthuma emngcwabeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Cool. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...