UDhlomo akaphefumuli ngeyesikhundla
2012-03-15 10:06
Durban - UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sbongiseni Dhlomo igama lakhe eliphakanyiselwe isikhundla sokuba nguSihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini akathi vu ngodaba lokuphakanyiswa kwegama lakhe ngamagatsha ale nhlangano embangweni walesi sikhundla, kubika iSolezwe.
UDhlomo uphakanyiswe ngamagatsha ehlukene
ngempelasonto edlule eCity Hall esikhundleni sokuhola lesi sifunda
esaziwa ngokuba nesibalo esiphezulu samalungu kaKhongolose kuleli.
Ukuphakanyiswa kwegama lakhe
kulandela imihlangano engumshoshaphansi ebilokhu yenziwa ngabaholi
abehlukene abakulo mkhandlu okuhlanganisa namakhansela amesekayo.
Kulesi sikhundla ebesilokhu
sinamagama amaningi abantu obekuthiwa basigaqele, uDhlomo ugcine
ephakanyiswe ngokusemthethweni nembangi yakhe uMnuz Nhlakanipho
Ntombela.
Ngesikhathi ethintwa ekutheni
aphawule ngokuphakanyiswa kwegama lakhe uthumele umyalezo obucacisa
ukuthi akazimisele nakancane ukuthi akhulume ngalolu daba.
“Okwamanje
akukho engingakusho ngokuphakanyiswa kwamagama abangenela isikhundla
sokuba ngusihlalo waseThekwini ngoba lokhu yinto ezophothulwa
ezinsukwini ezine kusuka manje,” kusho uDhlomo emlayezweni awuthumele
ngoLwesibili.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24