UDe Lille ushaqekile ngobugebengu
2012-10-11 07:53
Johannesburg - Kudutshulwe iphoyisa likaMasipala waseKapa lashona elokishini iKhayelitsha ngoLwesithathu ebusuku, kusho iMeya yaleli dolobha uPatricia de Lille, nozwakalise ukushaqeka kwakhe ngalesi sigameko.
USenior Superintendent Mpumelelo Hubert
Xakekile, 50, ubenikeza umshayeli wetekisi ithikithi ngabo-18:30 ngesikhathi edutshulwa amadoda amabili, kusho uDe Lille esitatimendeni.
UXakekile, nobese esebenzele umkhandlu isikhathi esiyiminyaka eyishumi, ushonele endaweni yesehlaakalo.
UDe Lille ube esedlulisela amazwi enduduzo emndenini nasebanganini bakaXakekile.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA