UDe Lille ukhulume ngokubulawa kukadadewabo

2013-02-28 10:00

Cape Town - IMeya yaseKapa uPatricia de Lille usekhulume ngokudlwengula kubulawe udadewabo ngo-1997, ngokusho kombiko ngoLwesine.

Utshele iDaily Voice ukuthi udadewabo uLaetitia Lindt wagwazwa amanxeba angu-42, washaywa ekhanda ngembazo amahlandla angu-11 ngoJuni 16 wangawo lowo nyaka.

Washiywa khona lapho, isidumbu sakhe satholakala ngakusasa ekuseni ngumlimi wasendaweni.

UCharl Robertson kanye noRicardo Solomons baboshwa, batholwa benecala kanti bagwetshwa iminyaka engu-30 bebhadla ejele.

USolomons usanda kudedelwa ejele ngemuva kokuqeda ingxenye yesigwebo sakhe.

Ukubulawa nokudlwengulwa kuka-Anene Booysen ngasekuqaleni kwenyanga, kulethe ubuhlungu obufanayo.

UDe Lille uthe namanje usazama ukwedlulisa okwenzeka kudadewabo.

"Udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane akusiyona into entsha. Kuyinto umuntu okumele alwisane nayo," usho kanje etshela iphephandaba.


 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C Rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C a few showers. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-20°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...