UDe Klerk ugxeka imigomo ye-ANC
2012-11-01 14:57
Johannesburg - Umengameli wokugcina wesikhathi sobandlululo kuleli uFW de Klerk usesole iqembu elibusayo i-ANC ngezinkinga ezibhekene nezwe, nokubalwa umnotho nentuthuko.
Enkulumweni yakhe ebibhekiswe kubaholi bezebhizinisi ngoLwesithathu ebusuku, uDe Klerk, 76, ugxeke imigomo yokusatshalaliswa kabusha komnotho ye-ANC.
Uthe lokhu kuzodala izinkinga eziningi "nalapho kuzokhomba ukuthi labo okumele bahlomule bazobhekwa ngokwebala labo, kunokuthi kube ngabantu abafanele".
UDe Klerk uphinde wagxibha imigomo esetshenziswa ngamanye amalungu e-ANC, nathi ikhuphula isibalo sabangasebenzi kanti ayikwazi ukuheha abatshalizimali.
INingizimu Afrika ibhekene nenkinga engakaze ibonakale kusukela ngesikhathi sobandlululo, naba yingxenye yokuthi iphele uDe Klerk, nokwamuhlomulisa nge-1993 Nobel Peace Prize benoNelson Mandela.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA