UCreecy uyabazonda abamnyama: Sadtu

2011-03-11 13:02

Johannesburg - Inyunyana yothisha i-SA Democratic Teacher's Union (Sadtu) ngoLwesihlanu iphakamise ukuthi ehle esikhundleni uNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uBarbara Creecy ngoba uyabazonda abantu abamnyama.

"Impendulo ehsya khona ukuthi uCeecy ashenxe esikhundleni. Akahambe nje," kusho uSihlalo wale nyunyana eGauteng, uMoss Senye etshela izindaba ze-Sapa.

Ubize uCreecy njengomuntu ohlukumeza amandla ngoba uzikhathaza ngezikole zabamhlophe kuphela.

"Uyabazonda nje abantu abamnyama. Unikezela ngomakhalekhukhwini kulabo thisha abafundisa ezikoleni zabantu abamhlophe manje usebiyela izikole zabo," kusho uSenye.

Ubuze ukuthi le mali ayisebenzisayo iphuma kuphi, wamsola nangokuthi ushaya indiva izikole zabantu abamnyama ezingenazo izincwadi zesikole nezinsiza ezifanele.

Uyaphika ke ukuthi ubize uCreecy ngosathane.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uthi ushaywe ngumfundisi wodumo unogada

Emizuzwini eyi-29 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 12-16°C Showers late. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...