UChikane uxwayisa ngoqhekeko ku-ANC

2012-12-19 11:01

Johannesburg - Lowo owayenguMqondisi Jikelele eHhovisi likaMengameli uFrank Chikane usexwayise ngokuthi i-ANC ingase ilahlekelwe ngamavoti uma ingaluqedi uqhekeko olukhona ngaphakathi kulandela ingqungquthela yaseMangaung, kubika iBusiness Day ngoLwesithathu.

"Ningafika la nidanse nicule kodwa abantu bazonahlulela," kusho uChikane etshela leli phephandaba ngemuva kokhetho lwangoLwesibili.

Uthe inhlangano kumele izihlangule ezintweni ezibandakanya uqhekeko njengoba lokho kwemuka i-ANC abaholi abanohlonze nabanamava adingekayo.

UNdunankulu waseMpumalanga uDavid Mabuza utshele leli phephandaba ukuthi izingxoxo zokushumayeza ubumbano noxolo ziqale "sekudlule isikhathi".

"Besicabanga ukuthi sizokhuluma ngobuholi ngemuva kokuphakanyiswa kwamagama, kodwa sibe nokuphazamiseka ngenxa yokubambezeleka kwenkomfa," esho.

Ube esenxusa uMengameli Jacob Zuma ukuba abuyise ubumbano.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kulimale umfana engozini eCenturion

Emizuzwini eyi-20 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. Pta: 10-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...