'UChaskalson waba nesandla enkululekweni'

2012-12-03 14:04

Johannesburg - Owayeyinhloko yamajaji u-Arthur Chaskalson wayengomunye walabo abasungula uMthethosisekelo wentando yabantu eNingizimu Afrika, kusho owayengumengameli wezwe uFW de Klerk ngoMsombuluko.

"Kulo msebenzi, wabamba iqhaza elikhulu ekubunjweni kwesizwe esingacwasi ngebala,” kusho uDe Klerk esitatimendeni.

UChaskalson ube ngumgqugquzeli wamalungelo abantu emsebenzini wakhe.

"Ngaphambi kuka-1994, wamela abantu abaningi ababelwela inkululeko ngesikhathi sobandlululo, kuhlanganisa icala laseRivonia ngo-1963."

UDe Klerk uthe uChaskalson waphinde wadlala indima enkulu njengomeluleki ezingxoxweni ezaholela ekusebenziseni uMthethosisekelo ngo-1993.

"Kodwa, kwakukuye njengomengameli weNkantolo yoMthethosisekelo nenhloko yamajaji eminyakeni ephakathi kuka-1994 no-2005 ukuthi ababembe iqhaza ekusunguleni uMthethosisekelo wentando yabantu,” kusho yena.

UChaskalson udlule emhlabeni eneminyaka engu-81 ubudala eGoli ngoMgqibelo, kubikwa ukuthi ubulawe yi-leukaemia.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...