UChabane akaneme ngemigwaqo yaseMthata
2013-01-25 16:27
Johannesburg - Ayigculisi neze imigwaqo engaphakathi eMthata, e-Eastern Cape, kusho uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli UCollins Chabane, ngoLwesihlanu.
Ungqongqoshe usekhiphe umyalelo wokuthi kusukunyelwe udaba lwale migwaqo, ngokushesha.
UChabane uhambele kuMasipala waseKing Sabata Dalindyebo, eyohlola isimo sendawo, ohambweni lwakhe uphelezelwe nguNgqongqoshe uMlibo Qoboshiyane neMeya kaMasipala uNonkoliso Ngqongwa.
UChabane uthi ohlelweni lokulungiswa kwemigwaqo olwaqalwa ngo-2009, ungu-25% kuphela umsebenzi osuphothuliwe.
Ube esekhipha izincomo ethi umsebenzi wokulungiswa kwemikhukhu yaseJoe Slovo, Chris Hani, Mandela Park nasePhola Park usuqalile wathi ukulungiswa kwendawo yaseMqanduli naseNgangelizwe, kona sekusemaphethelwni.
Ukulungiswa kwebhuluho eliku-N2, eMthata, kulindeleke ukuthi kube sekuphothuliwe ngo-Ephreli.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).