UCalitz uboshelwe izidakamizwa - Umbiko

2012-12-10 08:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Lowo owasinda ethunjwe izinyanga ezingu-20 abaduni bemikhumbi baseSomalia, uDebbie Calitz, uboshiwe ngesikhathi kutholakala izidakamizwa emzini wakhe osePitoli.

"Singaqinisekisa ukuthi uDebbie Calitz ubengomunye wabantu abayisikhombisa ababoshiwe ngesikhathi betholakala nezidakamizwa ngoLwesihlanu," kusho uCaptain Pinky Tsinyane etshela iphephandaba iThe Times.

UCalitz nesithandwa sakhe uBruno Pelizzari, badedelwa ezinyangeni eziyisithupha ezedlule abaduni bemikhumbi baseSomalia.

Amaphoyisa aseBrooklyn nawaseGarsfontein agasele eflethini eliseConstantia Park ngemuva kokulunywa indlebe ngokuthi uCalitz unezithombo zensangu ne-hallucinogenic.

Babe sebeboshwa njengoba kulindeleke bavele enkantolo.

UCalitz usanda kukhipha incwadi esihloko sithi Debbie Calitz: 20 Months in Hostage Hell.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 15-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...