UButhelezi uphebeza 'eyomndeni' ku-IFP

2012-12-17 11:50
Yabelani Shicilela

Pietermaritzburg - UMzamo Buthelezi, nokuqinisekiswe ukuthi nguye ozohola iNkatha Freedom Party uma sekufike isikhathi sokushintshwa kobuholi, uthe uyakholelwa ekuthobekeni uma ungumholi.

UButhelezi, 36, kuthiwa nguye ozothatha izintambo kuMangosuthu Buthelezi uma esehlaba ikhefu ekuholeni i-IFP.

Akukho okutheni okwaziwayo ngoButhelezi omusha kwezombusazwe nangaphandle kwe-IFP.

Lo mholi wezendabuko waseMbongombongweni, eZululand, unezinkolelo ezinqala zokuthi abaholi bezendabuko bangadlala indima ebalulekile ekufukuleni imiphakathi yasemaphandleni.

Uthi ufuna ukuvikela izidingo zabesifazane njengoba beneqhaza kwezolimo emakhaya.

Uthi kubalulekile nokuthi ahlonishwe amakhosi nabaholi bezomdabu abangabesifazane kulona lonke leli.

UButhelezi omdala ukhethwe ngaphandle kokuphikiswa ngoMgqibelo ukuba aqhubeke nokuhola i-IFP enkomfeni yokuqokwa kobuholi ebisoLundi.


UButhelezi omusha ube esehlaba labo abathi ukhethwe ngoba eyisihlobo noMntwana wakwaPhindangene, kodwa wathi abahlobene kepha kufana izibongo nje kuphela.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone indoda engozini yeloli

Emizuzwini eyi-13 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...