UButhelezi unqabe isimemo sikaMagwaza-Msibi

2012-10-19 10:04

Durban - Umholi weNkatha Freedom Party uMangosuthu Buthelezi, uchayise umholi weNational Freedom Party uZanele kaMagwaza-Msibi, omcele emsakazweni ukuthi bahambele ehostela laKwaMashu bayokhuluma nabantu ngenhloso yokuzama ukuletha ukuthula.

“Lokho kuyothukuthelisa abalandeli beqembu, sengibabonile ukuthi badinwe kangakanani. Angifuni kuthiwe nginesandla ekufeni kwabantu," kusho uShenge.

Abaholi laba bebekhuluma ohlelweni lwezindaba emsakazweni uKhozi FM, uButhelezi ugcizelele ekutheni abantu bayeke ukucula amaculo avusa uhlevane, kubika iDaily Sun.

“Nginxusa amalungu e-IFP ukuthi ehlise imimoya, umuntu owabulala akahlali kwakhona ehostela."

UButhelezi uphinde waveza ukushaqeka ngokubulawa kwelungu elabulawa phambi kwamaphoyisa.

Yize noma uButhelezi enqabile isimemo sokuya ehostela, okaMagwaza-Msibi uthe uzohamba aye ehostela ayohlangana namalungu akhe.

"Angaphezu kwekhulu amaphoyisa ajutshelwe ukuyoqapha isimo ehostela kodwa awangenile ngaphakathi, ahleli ngaphandle, angena kuphela ngoba kuthiwa sekubulawe umuntu," kusho ukaMagwaza-Msibi.

"Isimo simbi kakhulu, uma siqhubeka kungase kudingeke ukuthi kuthunyelwe amasosha."

Umholi weNFP uphinde wagxeka ukudutshulwa kwelungu le-IFP elibulawe enkantolo.


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...