UButhelezi ukhombise isimame uthando

2013-02-15 10:01

Cape Town - Kube nomuzwa wothando omnandi ekuvulweni kwePhalamende, ngesikhathi umholi weNkatha Freedom Party uMangosuthu Buthelezi, ekhipha izimbali epha abesifazane abakwiKhabhinethi, kwachwaza indlu kwashaywa nehlombe.

UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uLindiwe Sisulu ube ngowokuqala ukwamukela izimbali, wanga uShenge, kuqhuba umbiko wabePolitical Bureau.

Abanye abathole izimbali kube nguNgoqngqoshe woMnyango wezaseKhaya uNaledi Pandor, uNgqongqoshe woMnyango wezabaSebenzi uMildred Oliphant kanye noNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula.

UButhelezi uqale usuku lwakhe ngokuhambela abathengisi bezimbali abasebenzela ku-Adderley Street, eyobakhombisa uthando waphinda wabaduduza njengoba umgwaqo abasebenzela kuwo ubukade uvaliwe, kulungiselelwa ukuthi kudlule uMengameli uJacob Zuma, ayovula iPhalamende.

Usaziwayo uDali Tambo nomkakhe uRachel, baqabulane kwajama yonke into, ngesikhathi bebukisa ngothando lwabo kubathwebuli.

UTambo udlule wayohlala nosomabhizinisi waseThekwini uVivian Reddy, bekhuluma ngomcimbi kaReddy wokugubha iminyaka engu-60 abona inhlamvu yelanga.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...