UBanda waseZambia uphika eyokuzobhaca kuleli
2013-02-15 16:44
Johannesburg - Owabe enguMengameli waseZambia uRupiah Banda uyakuphika ukuthi ufuna ukuzobhaca kuleli laseNingizimu Afrika, njengoba kuqhubeka impi ephakathi kwamasosha kahulumeni neqembu eliphikisayo ezweni lakhe.
UMengameli okhona njengamanje uMichael Sata usola uBanda ngokubalekela kuleli laseNingizimu Afrika, ethi uzama ukubalekela ukubhekana namacala.
Ngisho noma angabeleka, "Sizomlanda khona eNingizimu Afrika,” kusho uSata, othi kunabanye ababili abaseqenjini eliphikisayo abafuna ukubalekela eNingizimu Afrika.
Umkhulumeli kaBanda uMikatazo Wakumelo, ukuchithile ukuthi uuBanda ufuna ukubaleka wathi: “Lokho akusilo iqiniso.”
Akafunanga ukunaba ngenkulumo.
USata, wadla umhlanganiso ngo-2011, wachitha uBanda, obhekene namacala okuhlukumeza amalungelo abantu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).