U-Sars uhambise amaphepha ngoMalema

2013-02-05 16:40

Johannesburg - Abaqoqi bentela, okuwu SA Revenue Service sebecele inkantolo ukuthi idle impahla yaloyo owabe engumholi wophiko lwentsha ye-ANC uJulius Malema, ekuthiwa uyehluleka ukukhokha intela ka-R16 mllion, ayikweletayo.

USars uthi uMalema umatasa uqamba amanga futhi uyabaleka ekukhokheni isikweletu sakhe.

Akanayo imali, ngokusho kwabakwaSars ababheke ukudla imizi yakhe emibili, ipulazi kanye nebhizinisi elincane.

"Ummeli uzokwazi ukuthola yonke impahla efihliwe,” kusho amaphepha ahanjiswe ngabakwaSars enkantolo.

UMalema kuthiwa ukweleta kusukela ku-2005 kuya ku-2011.

"Ummangalelwa akanalo iqiniso ngezimali zakhe,” kuqhuba amaphepha.

UMalema uqale ukubhekana nengcindezi ngemuva kokuthi exoshwe yi-ANC ngenyanga ka-Ephreli ngonyaka owedlule.

Unikezwe kuze kube umhlaka-27 Febhuwari ukuthi aphikise amaphepha ahanjiswe enkantolo.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-18°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-23°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...