U-Oscar wayengaqondile ukubulala - Ummeli

2013-02-19 12:02

Pretoria - Umsubathi u-Oscar Pistorius uvele wakhihla isililo enkantolo ngoLwesibili ngesikhathi ummeli wakhe ephika izinsolo zokuhlela ukubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp.

UPistorius, obegqoke isudi, wehlise amehlo ngesikhathi kuqala ukuphikisana ngesicelo sakhe sebheyili, wakhala ngesikhathi ummeli wakhe eqala emvikela.

Uthweswe icala lokubulala uSteenkamp ngoLwesibili.

Phambilini, umshushisi woMbuso uGerrie Nel uthe icala elokuthi wabulala ehlelile, nokuthi ukuphikile ukuthi wayecabanga ukuthi isigebengu ngesikhathi emdubula kathathu esendlini encane.

Ummeli kaPistorius uthi umsolwa wayengazi ukuthi kunomufi endlini encane ngesikhathi edubula.

UNel uthi njengoba umsolwa asukuma afaka imilenze yokufakelwa, waya endleni encane esephethe isibhamu, lokho kuchaza ukuthi wayezimisele ngokubulala.

Ngesikhathi icala liqhubeka, ibhokisi likaSteenkamp belingena esontweni eVictoria Park Crematorium ePort Elizabeth ngoLwesibili ekuseni enkonzweni ezothanyelwa umndeni.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter






- SAPA

Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C More sun than clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 13-15°C Light rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-17°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...