U-Oscar uzophathwa njengazo zonke iziboshwa

2013-02-15 16:44

Johannesburg - Umsolwa ecaleni lokudubula abulale intombi, u-Oscar Pistorius, angeke aphathwe ngendlela eyehlukile kwezinye iziboshwa ezibhekene namacala njengoba etokile, kusho inhlangano yezokuShushiswa koMphakathi i-NPA ngoLwesihlanu.

Umkhulumeli we-NPA uMedupe Simasiku uthe uPistorius uzotoka esiteshini samaphoyisa, uthe uzohlala impelasonto yonke, kuze kuba uvela ngaphambi kwenkantolo.

"Sicabanga ukuthi kumele umsolwa uPistorius, anikwe ithuba elanele lokuxhumana nommeli wakhe noma nomndeni,” kusho uSimasiku.

"Angeke aphathwe njengosaziwayo la. Akwenziwa lokho, yisinqumo senkantolo esithi akatoke esiteshini samaphoyisa. Angeke sakwazi ukuphikisa ukuthi agqunywe esiteshini samaphoyisa.”

Umsolwa uvele ngaphambi kwenkantolo ngoLwesihlanu, ngezinsolo zokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...