U-Oscar uzobekwa icala lokubulala okuhleliwe

2013-02-15 14:01

Pretoria - UMbuso uhlela ukubeka umsubathi onemilenze yokufakelwa u-Oscar Pistorius icala lokubulala ehlelile ngemuva kokubulawa kwentombi yakhe uReeva Steenkamp, kulalele iNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesihlanu.

“Kungabe uMbuso uveza ukuthi lesi sigameko sokubulala besihleliwe?” kubuza iMantshi uDesmond Nair.

“Yebo,” kusho umshushisi u-Advocate Gerrie Nel.

UPistorius uboshwe ngoLwesine ngemuva kokudutshulwa kukaSteenkamp washona emzini wakhe, eSilver Woods Country Estate, ngeValentine's Day. 

Imantshi ilihlehlisele uFebhuwari 19 icala likaPistorius yathi uzogqunywa esitokisini.

Uvele wangakwazi ukubamba izinyembezi uPistorius, wasikhihla isililo ngesikhathi ebingelela imantshi.

Udadewabo kamsolwa u-Aimee nobaba wakhe uHenke bebekhona nabo kule nkantolo ebigcwele kuvalwe ngomuntu emnyango.

Usomabhizinisi uKenny Kunene ubengomunye wabantu abebesenkantolo.

Ngemuva kokuchitha ubusuku endlini emnyama, uPistorius ufike enkantolo ezimboze ubuso.

Umsolwa wake waboshelwa icala lokushaya ngesikhathi evala umnyango kanti kuzogaxeka umlenze wowesifazane owamvulela icala.

Amaphoyisa alihoxisa icala ngenxa yokushoda kobufakazi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...