U-Oscar uqalekisiwe - Umfundisi

2013-02-27 12:02

Cape Town - U-Oscar Pistorius, osolwa ngelokubulala, uqalekisiwe ngokweseka labo abthandana bebe bengabobulili obufanayo, ngokusho kombiko ngoLwesithathu.

Iphephandaba iThe Star ibike ukuthi umfundisi waseKapa u-Oscar Bougardt okumanje uphenywa yiKhomishana yamaLungelo aBantu ngenkulumo yakhe yangaphambilini, uthe uPistorius uqalekisiwe ngoba weseka izitabane.

"Ngizoqhubeka nokukhuluma kanjena ngize ngife. Kudingeka kube khona okhuluma ngemipilo engcolile yezitabane."

Ukuphawula kukaBougardt ukwenze ekhasini lakhe enkundleni yezokuxhumana uFacebook.

Uthe uPistorius, amchaze ngokuthi ungomunye wezihlabani ezeseka impilo engcolile yezitabane, muva nje ukhishiwe emkhankansweni othi "It gets better South Africa" olwisana nokugcwanekwa kwezitabane.

"Ngikholelwa ukuthi u-Oscar Pistorius uqalekisiwe ngokweseka izitabane.

"NgokweBhayibheli, izitabane ziyisinengiso kuNkulunkulu, futhi wonke umuntu ozesekayo ufanelwe isihogo," kuphetha lo mgcotshwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...