U-Oscar ukhihle isililo enkantolo

2013-02-15 12:03

Pretoria - Abantu baqhubekile nokuzama ukuphusha bangene lapho kuzothethelwa khona icala elibekwe umsubathi wakuleli u-Oscar Pistorius kulandela ukudutshulwa kubulawe intombi yakhe, uReeva Steenkamp emzini wakhe osePitoli.

Abathwebuli bayalelwe ukuba bangeqi indawo ethize uma befuna ukuthatha izithombe.

UPistorius zimkhalele ngoLwesine ngemuva kokubulawa kukaSteenkamp, eSilver Woods Country, ePitoli, ngeValentine's Day.

Izikhulu kudingeke ukuthi zihlehlise amanye amacala abekubhekwe ukuthi azoqhubeka eNkantolo yeMantshi yasePitoli.

Uvele wangakwazi ukubamba izinyembezi uPistorius, wasikhihla isililo ngesikhathi ebingelela iMantshi uDesmond Nair.

Udadewabo kamsolwa u-Aimee nobaba wakhe uHenke bebekhona nabo kule nkantolo ebigcwele kuvalwe ngomuntu emnyango.

Usomabhizinisi uKenny Kunene ubengomunye wabantu abebesenkantolo.

Ngemuva kokuchitha ubusuku endlini emnyama, uPistorius ufike enkantolo ezimboze ubuso.

Umsolwa wake waboshelwa icala lokushaya ngesikhathi evala umnyango kanti kuzogaxeka umlenze wowesifazane owamvulela icala.

Amaphoyisa alihoxisa icala ngenxa yokushoda kobufakazi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered clouds. Cool. Pta: 13-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-17°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...