U-Oscar ufuna kuxegiswe imibandela yebheyili

2013-02-25 08:21

Pretoria - Lowo osolwa ngecala lokubulala u-Oscar Pistorius uthi ubheke ekunxuseni iNkantolo yeMantshi yasePitoli ukuba ixegise imibandela yebheyili nathi imphethe ngesandla sensimbi.

Lokhu kuvele kungakapheli ngisho izinsuku ezimbili iMantshi uDesmond Nair imdedele ngebheyili ka-R1 million ngoLwesihlanu, kubika iSowetan.

Ummeli kaPistorius uKenny Oldwadge uveze ukuthi akathandi ukuphawula ngemizamo yokuxegiswa kwemibandela yebheyili kaPistorius.

"Anginakuphawula ngalokho okwamanje. Sisabheka okuningi okumayelana nesinqumo ngakho kunzima ukuqagula indlela eya phambili," kusho u-Oldwadge.

U-Oldwadge uthe uPistorius uchithe impelasonto yakhe yokuqala ekhululekile ePretoria East nalapho ehlala khona nomndeni wakhe ngemuva kokuchitha isikhathi esingaphezu kwesonto esiteshini samaphoyisa eBrooklyn.

Lo msubathi usolwa ngokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp ngeValentine's Day.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 6 engozini e-KZN

Emizuzwini eyi-10 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...