Thola ukuthi sithini isangoma ngoMalema

2015-03-25 09:28

Cpae Town - “Ngiyathandaza ukuba abenathi, hhayi phambi kwethu. Kumele athembeke futhi abenokuthula. Ngithandazela nokuthi yonke imimoya emibi isuke ukuze azothatha izintambo zombuso.”

Lona umthandazo wesangoma uNomthandazo “Dlakaza” Mhlambiso (54) waseSamora Machel ePhilippi.

Ubethandazela umholi we-EFF uJulius Malema ukuba abengumengameli waseNingiizmu Afrika ngo-2019.

Lesi sangoma sitshele abeDaily Sun ukuthi amadlozi amkhombisa ukuthi uMalema ungumuntu ofanele ukuhola izwe.

“Uyena ongasikhulula enhluphekweni esiphila ngaphansi kwayo,” kusho uNomthandazo.

Funda nalolu daba: I-video: Uthando luyikho konke.

“Buningi ubugebengu njengoba abantu bengasebenzi.”

“Sikholelwa ukuthi uma engaba ngumengameli, zonke izinto zizoshintsha.”

UNomthandazo uqhube wathi kwesinye isikhathi uma abantu sebephethe, bayabukhohlwa ubunzima abadlule kubona.

“Sikhulekela ukuthi uMalema angangeni kulolo gibe,” usho kanje.

Lesi sangoba sakhuluma naseralini ye-EFF ngesikhathi kugujwa iHuman Rights Day kwaLanga ngoMgqibelo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho 

  - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
9 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...