Sizovela enkantolo isikhulu eKZN

2012-08-13 12:03

Durban - Isikhulu eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal esisebenza njengomabhalane, sizovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eNtuzuma, mayelana necala lokukhwabanisa kanye nokugwazisa, kubika iNewswatch.

Isikhulu lesi kuthiwa sasiza uthisha thizeni ukuthi athole imali engu-R200 000 emnyangweni, sase sifuna ukukhokhelwa isamba esingu-R100 000.

Okhulumela umnyango uMuzi Mahlambi uthe isikhulu lesi besithumelela uthisha imilayezo esabisayo, sizama ukumphoqa ukuthi akhokhe le mali.

UMahlambi uthe umabhalane uboshwe ngoLwesihlanu, wagqunywa esitokisini.

"Ungqongqoshe womnyango ufuna ukuthumela umlayezo ocacile kubasebenzi, ongukuthi angeke umnyango umelane nenkohlakalo," kusho uMahlambi.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 8-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-14°C Sunny. Cool. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...