Sizinzile isimo eSasolburg
2013-01-25 08:32
Johannesburg - Sithule isimo eSasolburg kulandela imibhikisho ebihambisana nodlame, nedonse cishe isonto lonke, kusho amaphoyisa aseFree State.
UColonel Motantsi Makhele uthe yize isimo sinzile, izikhulu zizoqhubeka nokuqapha leya ndawo.
Kushone abantu abane kusukela kuqale le mibhikisho ebimelene nokufakwa ngaphansi komunye umasipala ngeSonto.
Izakhamuzi zikhala ngokuhlanganiswa koMasipala waseMatsimaholo eSasolburg noMasipala waseNgwathe, ongaphansi kweParys.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nemiSebenzi kaHulumeni uRichard Baloyi umemezele ngoLwesine ukuthi lolu hlelo ngeke lusaqhubeka.
Okhulumela i-Independent Police Investigative
Directorate (Ipid) uMoses Dlamini uthe kuzophenywa ngezinsolo ezithi amaphoyisa ayathinteka ekufeni kwabantu ababili.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA