Sizinzile isimo eDe Doorns

2012-11-14 12:02

Cape Town - Alukho udlame olubekhona ebusuku eDe Doorns, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngoLwesithathu ekuseni.

"Isimo sikahle kanti namaphoyisa aqaphile," kusho okhulumela amaphoyisa aseDe Doorns, uLindikhaya Mkhontwana.

Uthe kukhona ababoshiwe ngoLwesibili.

Abasebenzi basemapulazini bangenele isiteleka bekhala ngamaholo kanye nezimo abasebenza ngaphansi kwazo eHex River valley ngeledlule.

Laba basebenzi, abahola u-R70, bafuna ukuhola u-R150 ngelanga.

Umgwaqo omkhulu uN1 eDe Doorns wavalwa ngesikhathi kuqhubeka udlame, olwaholela ekushisweni kwepulazi lamagilebhisi.

Umgwaqo uvulwe ngoLwesithathi ekuseni, kudlula amaloli athwele izothelo nezinye izimpahla. Izitolo eziseceleni komgwaqo zisavaliwe.

Umengameli weFood and Allied Workers' Union, u-Attwell Nazo noNobhala Jikelele uKatishi Masemola kuzothi ngokuhamba kosuku bakhulume nabasebenzi eCeres naseDe Doorns.

Bazoba nomhlangano erenki yamatekisi eCeres ngo-11:30 bese bedlulela eStofland Stadium eDe Doorns ngo-13:30.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-22°C Cloudy. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...