Siyohlukaniswa ukufa noMalema - Ungqongqoshe

2013-02-06 10:05

Johannesburg - Ngingumngani omkhulu noJulius Malema futhi sizohlukaniswa ukufa naye, lawa ngamazwi kaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu neziNdaba zoMdabu eLimpopo, uClifford Motsepe.

Ubephendula imibiko ethi uMnyango wakhe wagixabeza ithenda izinkampani eziyamaniswa nalowo owayengumengameli we-ANC Youth League uMalema, yokuthi kwakhiwe izindlu zomxhaso, kubika iSowetan.

UMotsepe uthe akukho okusolisayo ngokunikezwa kwalezi zinkampani la mathenda nguMnyango wakhe "ngoba zakhethwa ngaphansi kohlelo lokuthi zizokwazi ukubhekana nomsebenzi".

Imibiko ithi lo Mnyango wakhiphela uMalema nobhululu bakhe amathenda ezigidi zamarandi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...