Siyayinqoba impi yengculazi - Zuma
2013-01-18 16:11
Johannesburg - INingizimu Afrika iqhuba kahle ekubhekaneni negciwane lengculazi nesandulela salo, kusho uMengameli wezwe uJacob Zuma.
"Sinezikhungo zezempilo ezingu-2948 ezihlinzeka abantu ngemishanguzo yegciwane, lesi sibalo sikhulu uma usiqhathanisa no-495 wangenyanga kaJanuwari ngo-2010," eqhuba esitatimendeni.
"Okuhle kakhulu izwe elikwaze ukukuzuza, ukunqanda izehlakalo zokutheleleka kwabantwana, bethelelwa ngomama. Izibalo zehle kakhulu kusukela ngo-2008.
Bangaphezu kuka-1.7 million abantu baseNingizimu Afrika abadla imishanguzo yegciwane lengculazi.
UZuma ukhiphe lezi zincomo ngesikhathi evakashelwe yisikhulu se-United Nations uMichel Sidibe, obesemzini wakhe eMahlamba Ndlopfu, ePitoli.
USidibe uncome uZuma neNingizimu Afrika, ekukwazini ukulwa nalolu bhubhane, wathi kumele izwe kube yilo elihola i-Afrika, ekukhiqizeni ikhambi lokulwa nengculazi.
UZuma uphinde wancoma abantu abangaphezu kuka-20 million abahlolela leli gciwane, kusukela kwakhuthazwa ukuhlola esidlangalaleni ngo-2010.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).