Sivelile isangoma esabanjwa nezicubu ze-albino

2012-10-08 16:30

Johannesburg - Sinikwe ibheyili isangoma nomshayeli waso abangabasolwa ekumbiweni kwethuna eMmabatho, eNorth West, kusho amaphoyisa.

Abasolwa banikwe ibheyili yenkulungwane umuntu ngamunye.

"NgoLwesihlanu, abasolwa babanjwa bephuma emathuneni bephathe isikhwama esisolisayo,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Amanda Funani.

Isangoma uKoketso Jabane noRapelang Modise, babanjwa nezinsalela zikamufi uSipho Lolwane oyisiphiwo, phecelezi i-albino, umufi wafihlwa emathuneni aseMoletsamongwe, ngonyaka ka-2002.

Ngokusho kukaFunani, ithuna leli lake lambiwa nango-2011, kodwa kwangaba khona muntu oboshwayo.

La madoda azobuyela ngaphambi kweNkantolo yeMansthi yaseMmabatho, mhlaka-7 Disemba.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C High level clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 13-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...