Sithuka izanya isangoma esisolwa ngokuthakatha
2012-01-25 14:10
Durban - Sihleli lubhojozi isangoma
sakwaShembe, eClermont, esesihlaselwe kaningana ngamalungu omphakathi afuna
ukusisoconga ngoba sisolwa ngokuthakatha endaweni, kubika iSolezwe.
Silandisa Isolezwe, lesi
sangoma, 37, esihlala nomyeni waso nengane eneminyaka emibili sithe singabulawa
noma yinini njengoba sitshelwa emehlweni ngamalungu omphakathi ukuthi uma kuke
kwaba khona umuntu ofayo endaweni naso siyomlandela ngokuthi basingqongqise
nomuzi waso.
Sithi nsukuzonke sitshelwa
ngomakhelwane ukuthi asikhiphe amakati akhulumayo esithakatha ngawo kungenjalo
sizoya kwagoqanyawo.
“Umphakathi uhlukene phakathi
ngekusasa lami. iningi labantu lithi angibulawe ngoba linginuka ngokuthakatha
endaweni. Okubuhlungu wukuthi izingane zethu azisadlali ndawonye ngoba kuthiwa
nginomuthi omubi engizoziloya ngawo zife futhi nginamakati akhulumayo,” kusho
lo wesifazane othe kusukela ngo-2003 eqala ubungoma akaze abuthwale ubunzima
obufana nalobu abhekene nabo njengamanje.
Kwalamula ukufika
kwamaphoyisa ngosuku lukaKhisimusi ngonyaka odlule umphakathi uthi usuyaqeda
ngalesi sangoma ngokusingqongqisa nomuzi waso usisola ngokuthi yisona esibulale
ibhungu le ndawo okuthiwa bese linesikhathi eside lixinwe wukugula.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24