Sithole ukwelashwa isalukazi esadlwengulwa
2012-11-19 08:30
Kyle Venktess, The Witness
Pietermaritzburg - Isalukazi, 82, umdlwenguli waso ogwetshwe udilikajele, sichithe impelasonto esibhedlela sithola ukwelashwa ngodokotela nabeluleki bezengqondo, kulandela ukushayeka phansi saquleka ngesikhathi kwethulwa isigwebo ngoLwesihlanu.
Umshana walesi salukazi uthe sithole ukwelashelwa i-high blood pressure.
“Usengcono kakhulu uma kuqhathaniswa nangoLwesihlanu. Kodwa usaphazamisekile emqondweni njengoba elokhu ebuza ukuthi yini le embi kangaka ayenzile ukuthi angaze adlwengulwe. Uthe wenelisekile ngesigwebo esikhishwe yinkantolo."
Lesi salukazi sakwaSwayimane sadlwengulwa ngoJulayi nonyaka.
Umdlwenguli u-Avelo Tuswa, 25, ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness