Sitholakele isivakashi ebesidukile eKapa
2013-01-08 15:01
Cape Town - Amaphoyisa aseWestern Cape athi isivakashi saseBrithani ekwabikwa ukuthi sidukile, sitholakale ngoMsombuluko ebusuku.
UWilkes McDermid wagcina ukubonakala ephuma eWestin Grand Hotel ngaseV&A Waterfront ngeBoxing Day, kusho abe-Eyewitness News.
Akakwazanga ukuthola ibhanoyi elibuyela kubo eBrithani, nokwadala ukwethuka kumalungu omndeni wakhe nabangani lona wabe esebonakala ngesonto elilandelayo eKapa maphakathi nedolobha.
Okhulumela amaphoyisa u-Andre Traut uthe ngeke akhiphe mininingwane ngaloludaba, wathi umndeni kaMcDermid ukholelwa ukuthi lolu wudaba lwabo lwangasese.
“Lesi sivakashi sitholakale eKapa ngoMsombuluko ebusuku. Sisezinhlelweni sokumhlangana nomndeni wakhe, ngeshwa angivunyelwe ukukhuluma okuningi ngalolu daba."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24